Lo myalelo unikezwa lapho kwenziwe isicelo sokuthi kubekwe inani elingaguquki okumele lidonswe lentela kumholo womkhokhi wentela. Umqashi kumele afake lesi sicelo egameni lomsebenzi.
Imiyalelo ayidluliselwa phambili kanti lapho umsebenzi eseshintshe isimo sakhe kwezomsebenzi, kumele kwenziwe isicelo esisha. Uma unabaqashi abangaphezu koyedwa, kumele kwenziwe isicelo somyalelo kumqashi nomqashi ngamunye.
Amakhophi ezincwadi zokuqashwa, izinkontilaki zemisebenzi kanye namanye amadokhumende afanele ayadingeka ukuqinisekisa imibandela nezimo zokuqashwa.
Umyalelo wamaphesente angaguquki azokhishelwa isikhathi esiyizinyanga ezingu-12, kanti futhi kumele uvuselelwe ngemuva kwazo.
Qinisekisa ukuthi izindaba zakho zezentela zikwisimo esifanele lapho wenza isicelo somyalelo wentela. Abe-SARS ngeke bakhipha umyalelo wentela uma ukweleda intela.
ikhophi yekontraki yomsebenzi incwadi echaza ngokufanele uma ungenayo inombolo kamazisi noma inombolo yereferense ye-PAYE.
Fakela isicelo sakho samaphesente angaguquki omyalelo ngesandla kwabehhovisi legatsha le-SARS, njengoba umsebenzi kumele afakele isitatimende semininingwane yomholo nezindleko.
Uma isicelo sesamukelwe ngabe-SARS, uzonikezwa isiqiniseko ezinsukwini ezimbalwa. Kodwa, umyalelo osemthethweni wentela ungathatha cishe amaviki amane.
Le nkonzo ngeyamahhala ayikhokhelwa.
